13
uWilliam, wabuya nawo, wasilandisa-ke. Saya
kusihlwa, saya kulala kona. Kwasa ngango¬
muso, s'ahlukana noSobantu ; wahamba, waya
emGungundhlovana, umuzi ka'Mr. W^indham.
5 Ngesonto sahlangana nomuntu ; wasitshela
wati, ' Ngihlangene nomlungu ekwele ehashini
elimpofu, ehamba nomuntu omnyama ekwele
ehashini elimhlope ; bati, ' Wobatshela batshe-
tshe.' ' Sahamba-ke, sawela emVoti, sakumula
IO izinkabi. Lapo-ke abatshayela izinnqola bati,
' Inkosi is'ihambile ; ngako-ke kuhle ukuba si-
kudhle ukudhla ekutshiyileyo, ngoba asisena'
kudhla,impupuis'ipelile.' WapendulauNozilwa
wati, 'Ai bo ! Akufanele ukuba kudhliwe
15 ukudhla loku. Ungabe inkosi isasilindile nga¬
pezulu lapa.' Bampikisa uNozilwa, kwadhliwa.
Kepa uNozilwa wati, ' Yeka ! le'miungwane,
Mapoloba ! Imigume nje ! Nidhla ukudhla
kwenkosi nje ! niy'azi y'ini ukuba aiko na ?'
20 Batula nje. Ngangomuso sahamba, saza safika
emGeni ; safika ugcwele ; salala ngapetsheya.
Ngangomuso izinnqola zahlakazwa, zafakwa
eskepeni ; zabuya zalungiswa futi, sahamba,,
safika kiti ekuKanyeni.
|