14
II. indaba ka'ndiane.
Inncwadi yamhla sipuma ekaya, s'ahlukana
nabantu bakiti, siya ku'Mpande, inkosi yezwe
5 elinye, njengaloko esikuyalelweyo enncwadini
engcwele, ukuti, ' Hambani, niye emhlabeni
wonke, nitshele izizwe zonke loko enikupiweyo
ngomusa ka'Yihlo wenu os'ezulwini.'
Kusasa kakulu ngomsombuluko, salungisa
IO izinnqola zokuhamba, nati sazilungisa, kwaza
kwafika isikati sas'emmini sokudhla, sadhla.
Sati sesiqedile ukudhla, sasesihamba, siwela
siya emzini wamakolwa, sihamba nomBishopo,
nenkosikazi yake, nomfundisi uMr. Grubb.
15 Safika esiBaneni. Wati ababutane bonke aba-
hambayo nabahleziyo, ake abonge ku'Dio ; wa¬
kuleka, waqeda. Bati, ' Hambani kahle, bantu
bakiti, nize nibuye kahle futi.' S'ahlukana-ke
njalo, sahamba nezinnqola ; babuyela ekaya
20 ekuKanyeni bonke. Ezinnqoleni sasala saba
isitupa nje.
Sapuma ngomsombuluko-ke ekuKanyeni,
salala emGeni nganeno ; sakumula izinkabi,
sahlala. Kute sisahlezi emGeni, izinkabi zala-
25 hleka. Umuntu opata intambo wazifuna, kazi-
|