15
bona ; wabuya, wati, ' Izinkabi zihambile,
angiziboni.' Wahamba nomunye ka'Jojo kona
kusihlwa; abaze bazibona futi ; baiala. Bavuka
ekuseni kakulu ; baya kona ekaya ekuKanyeni,
5 bazitola ; bafika nazo kusasa ; sabopela, saha¬
mba, sawela emGeni, sakumula. Sati sisa-
kumula, wafika uSobantu noWilliam ; bati,
' Au ! kanti nikumula kona lapa !' Sati tina,
' Y'ingokuba sihambe emmini.' Wati uWilliam,
IO ' Mina, uma ngisuka enNanda, angikumuli lapa.'
Saqeda, sabopela, sahamba ubusuku, kwaza
kwapuma innyanga ; salala. Kwasa sahamba,
safika entabeni enkulu, lapo innqola encane
ing'ehle kona, (kutsho abantu,) itatwa njalo
15 abantu uma yehla lapo, kukona amatshe ama¬
ningi kakulu kona. Sakupuka lapo, sadundubala
ngapezulukwa'deda-ng'endhlale. Sadhlula aba¬
lungu; sahlangana nomfazi; wabuza, wati, 'Ba¬
ntabami, niya ngapi ? ' Sati, ' Siya kwa'Zulu,
20 mame.' Wati, ' Kwa'Zulu abasayi abalungu ;
uSihetshe baponsa bambulala ; kepa watanda
ukudubula ; b'ala abantu bake, bati, ' Ai ! ake
kuqale bona.' ' Sati, ' Siya kona tina noko.'
Sakumula emfuleni, salala. Savuka ekuseni,
25 sesiqonda emHlali. Saya'kubuka ukwenziwa
|